Ngokukaluka 23:53-56 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

53. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.

54. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.

55. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe.

56. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.

Ngokukaluka 23