48. Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo.
49. Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto.
50. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo --
51. yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;
52. yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu.
53. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.
54. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.
55. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe.
56. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.