44. Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;
45. kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.
46. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
47. Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.”
48. Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo.
49. Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto.
50. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo --
51. yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;
52. yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu.
53. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.
54. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.
55. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe.
56. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.