Ngokukaluka 23:35-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.”

36. Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga,

37. ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.”

38. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA.

39. Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.”

40. Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na?

41. thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.”

42. Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.”

43. Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*”

44. Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;

45. kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.

46. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.

47. Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.”

48. Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo.

49. Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto.

50. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo --

51. yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;

Ngokukaluka 23