Ngokukaluka 23:21-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!”

22. Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”

23. Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba.

24. Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo.

25. Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo.

26. Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu.

27. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela.

28. Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu.

29. Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’

30. Khona“ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni:“Welani phezu kwethu,”nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’

31. “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.”

32. Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye.

33. Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.

Ngokukaluka 23