Ngokukaluka 23:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu.

2. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”

3. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Wamphendula wathi: “Usho khona.”

4. Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.”

5. Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”

6. UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini.

7. Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku.

Ngokukaluka 23