62. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.
63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.
64. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”
65. Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.
66. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,
67. bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa;
68. noma ngibuza, anisoze naphendula.
69. Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
70. Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”
71. Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”