Ngokukaluka 22:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.

7. Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika.

8. Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”

9. Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”

10. Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,

11. nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’

12. Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”

13. Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

14. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.

15. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.

16. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”

17. Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;

18. ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”

Ngokukaluka 22