Ngokukaluka 22:58-71 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

58. Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”

59. Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”

60. Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.

61. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.”

62. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.

64. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”

65. Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

66. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

67. bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa;

68. noma ngibuza, anisoze naphendula.

69. Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”

70. Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”

71. Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”

Ngokukaluka 22