58. Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”
59. Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”
60. Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.
61. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.”
62. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.
63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.
64. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”
65. Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.
66. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,
67. bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa;
68. noma ngibuza, anisoze naphendula.
69. Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
70. Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”