48. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”
49. Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?”
50. Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.
51. Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.
52. Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku.
53. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”
54. Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.
55. Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo.
56. Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.”
57. Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”
58. Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”
59. Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”
60. Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.
61. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.”
62. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.
63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.