Ngokukaluka 22:46-57 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

47. Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.

48. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”

49. Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?”

50. Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.

51. Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.

52. Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku.

53. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”

54. Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.

55. Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo.

56. Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.”

57. Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”

Ngokukaluka 22