Ngokukaluka 22:25-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

26. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.

27. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.

28. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;

29. nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona

30. ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

31. “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;

32. kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

33. Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”

34. Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”

35. Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?”Bathi: “Lutho.”

36. Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba.

37. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”

38. Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”Wathi kubo: “Kwanele.”

39. Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela.

40. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.”

41. Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,

42. wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”

Ngokukaluka 22