Ngokukaluka 22:23-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.

24. Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.

25. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

26. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.

27. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.

28. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;

29. nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona

30. ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

31. “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;

32. kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

33. Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”

34. Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”

Ngokukaluka 22