Ngokukaluka 22:22-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”

23. Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.

24. Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.

25. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

26. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.

27. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.

28. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;

29. nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona

30. ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

31. “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;

32. kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

33. Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”

34. Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”

35. Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?”Bathi: “Lutho.”

36. Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba.

37. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”

38. Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”Wathi kubo: “Kwanele.”

Ngokukaluka 22