13. Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.
14. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.
15. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.
16. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”
17. Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;
18. ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”
19. Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
20. Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.
21. Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni.
22. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”
23. Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.
24. Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.