Ngokukaluka 22:11-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’

12. Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”

13. Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

14. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.

15. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.

16. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”

17. Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;

18. ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”

19. Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”

20. Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.

21. Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni.

22. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”

Ngokukaluka 22