1. Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika.
2. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.
3. Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili.
4. Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.
5. Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali.
6. Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.
7. Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika.
8. Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
9. Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”
10. Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,
11. nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’
12. Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”