29. Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
30. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.
31. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32. “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
33. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
34. “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,