Ngokukaluka 21:28-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”

29. Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke.

30. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.

31. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.

32. “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.

33. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

Ngokukaluka 21