Ngokukaluka 21:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.

16. Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.

17. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.

18. Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.

19. Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.

Ngokukaluka 21