10. Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso;
11. kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
12. “Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
13. Kuyakunehlela kube ngubufakazi.
14. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
15. ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
16. Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18. Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19. Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20. “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
21. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
22. Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
23. Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.
24. Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
25. “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
26. abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
27. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.