Ngokukaluka 21:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo.

2. Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili;

3. wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke.

4. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”

5. Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo:

Ngokukaluka 21