Ngokukaluka 20:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.”

7. Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.

8. UJesu wayesethi kubo: “Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

9. Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso, ethi kubantu: “Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside.

10. Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze.

11. Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa ze.

Ngokukaluka 20