6. Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.”
7. Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.
8. UJesu wayesethi kubo: “Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”
9. Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso, ethi kubantu: “Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside.
10. Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze.
11. Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa ze.