Ngokukaluka 20:44-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. “Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?”

45. Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe:

46. “Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni,

47. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

Ngokukaluka 20