37. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.
38. UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”
39. Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.”
40. Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.
41. Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
42. lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,
43. ngize ngibeke izitha zakhozibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’
44. “Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?”
45. Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe:
46. “Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni,
47. abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”