24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”
25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.
27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;
28. bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
29. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,
30. nowesibili;
31. nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana.
32. Ukugcina wafa nomfazi.
33. Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.”
34. UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa.
35. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;
36. ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka.