23. Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:
24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”
25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.
27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;
28. bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
29. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,
30. nowesibili;
31. nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana.
32. Ukugcina wafa nomfazi.
33. Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.”
34. UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa.
35. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;
36. ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka.
37. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.
38. UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”
39. Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.”
40. Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.
41. Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
42. lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,