Ngokukaluka 20:23-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:

24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”

25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.

27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;

28. bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.

29. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,

30. nowesibili;

31. nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana.

32. Ukugcina wafa nomfazi.

33. Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.”

34. UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa.

35. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;

36. ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka.

37. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.

38. UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”

39. Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.”

40. Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.

41. Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?

42. lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,

Ngokukaluka 20