Ngokukaluka 20:22-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

23. Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:

24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”

25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.

27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;

28. bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.

29. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,

Ngokukaluka 20