15. Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na?
16. Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.”Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”
17. Kepha wababheka, wathi: “Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi’?
18. “Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
19. Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.
20. Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.
21. Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.
22. Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”
23. Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:
24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”
25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.
27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;
28. bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
29. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana,
30. nowesibili;
31. nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana.