Ngokukaluka 2:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.

6. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.

7. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

8. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.

9. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

10. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,

11. ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

Ngokukaluka 2