4. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,
5. ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.
6. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.
7. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
8. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.
9. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.