Ngokukaluka 2:34-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --

35. yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo -- ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”

36. Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,

37. engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.

38. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.

39. Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.

40. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.

41. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.

42. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.

43. Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.

44. Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.

45. Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.

46. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.

47. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.

Ngokukaluka 2