28. wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:
29. “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho,Somandla, njengezwi lakho,
30. ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho
31. oyilungisele ebusweni babantu bonke,
32. ukukhanya kokwambulela abezizwenenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
33. Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
34. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --
35. yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo -- ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”
36. Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
37. engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
38. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.