Ngokukaluka 2:27-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,

28. wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:

29. “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho,Somandla, njengezwi lakho,

30. ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho

31. oyilungisele ebusweni babantu bonke,

32. ukukhanya kokwambulela abezizwenenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”

33. Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.

34. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --

35. yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo -- ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”

36. Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,

37. engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.

38. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.

39. Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.

40. Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.

41. Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.

42. Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.

Ngokukaluka 2