23. njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”,
24. banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
25. Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
26. Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.
27. Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,
28. wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:
29. “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho,Somandla, njengezwi lakho,
30. ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho
31. oyilungisele ebusweni babantu bonke,
32. ukukhanya kokwambulela abezizwenenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
33. Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
34. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --