13. Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:
14. “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
15. Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”
16. Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni.
17. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana.
18. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi.
19. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.
20. Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
21. Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.
22. Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi
23. njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”,
24. banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
25. Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
26. Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.