Ngokukaluka 19:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”

6. Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.

7. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”

8. Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”

Ngokukaluka 19