Ngokukaluka 19:33-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: “Nilithukululelani ithole na?”

34. Bathi: “INkosi iyalidinga.”

35. Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole, bamkhwelisa uJesu.

36. Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni.

37. Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo, isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,

38. sithi:“Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi,ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”

39. Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.”

40. Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”

41. Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.

42. Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.

43. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,

44. zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Ngokukaluka 19