Ngokukaluka 19:2-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile.

3. Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane.

4. Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.

5. Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”

6. Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.

7. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”

8. Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”

9. UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.

10. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

11. Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.

12. Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.

13. Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’

14. “Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’

Ngokukaluka 19