Ngokukaluka 19:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.

12. Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.

13. Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’

14. “Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’

15. “Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.

16. “Yavela-ke eyokuqala, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’

Ngokukaluka 19