1. Wangena eJeriko, wadabula khona.
2. Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile.
3. Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane.
4. Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.
5. Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”
6. Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.
7. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”
8. Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”
9. UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.
10. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”