9. Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi:
10. “Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.
11. UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
12. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’
13. “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
14. “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”
15. Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza.
16. Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
17. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
18. Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
19. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.