31. Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.
32. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,
33. bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”
34. Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
35. Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.
36. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”
37. Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”
38. Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
39. Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
40. Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi:
41. “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.”
42. UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.”