27. Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”
28. Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”
29. Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,
30. ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
31. Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.
32. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,
33. bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”
34. Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
35. Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.
36. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”
37. Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”
38. Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
39. Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”