19. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
20. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”
21. Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
22. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
23. Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.
24. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26. Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27. Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”
28. Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”
29. Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,
30. ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
31. Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.