Ngokukaluka 18:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.

12. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’

13. “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’

14. “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”

15. Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza.

16. Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.

17. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”

18. Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

19. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.

20. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”

21. Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

22. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

23. Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.

24. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

Ngokukaluka 18