Ngokukaluka 17:25-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.

26. “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.

27. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.

28. “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;

29. kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;

30. kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.

31. Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.

32. Khumbulani umkaLoti.

33. Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza.

34. Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.

35. Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.

36. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”

37. Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?”Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

Ngokukaluka 17