14. Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,
16. yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
18. Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
19. Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
20. Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
21. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”
22. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
23. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli.
24. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.