Ngokukaluka 15:24-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.

25. “Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.

26. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.

Ngokukaluka 15